I-Tenor ifaka phakathi i-app yeselula ye-Tenor, iwebhusayithi ye-Tenor, etholakala ku-http://tenor.com, izandiso ze-Tenor, ne-Tenor API. I-Tenor API ingase ihlanganiswe namadivayisi noma amasevisi wenkampani engahlangene ngqo, kodwa noma yimaphi amasevisi ahambisanayo we-Tenor ahlinzekwa i-Google.
Ukuze usebenzise i-Tenor, kufanele wamukele (1) Imigomo Yesevisi ye-Google kanye (2) nale Migomo Yesevisi Eyengeziwe ye-Tenor ("Imigomo Eyengeziwe ye-Tenor").
Sicela ufunde lama dokhumenti ngamanye ngokucophelela. Sekukonke, lama dokhumenti aziwa ngokuthi "Imigomo". Asungula lokho ongakulindela kithi njengoba usebenzisa amasevisi wethu, nalokho esikulindele kuwe.
Uma le Migomo Eyengeziwe ye-Tenor ingqubuzanaNemigomo Yesevisi ye-Google, le Migomo Eyengeziwe izobuswa i-Tenor.
Nakuba kungeyona ingxenye yale Migomo, sikhuthaza ukuthi ufunde Inqubomgomo Yobumfihlo ukuze uqonde kangcono ukuthi ungabuyekeza, ulawule, uthumele, futhi usule kanjani ulwazi lwakho.
1.
Okuqukethwe Kwakho.
I-Tenor ikuvumela ukuthi uthumele, ugcine, uthole, noma wabelane ngokuqukethwe kwakho. Okuqukethwe kwakho kungaphansi kwelayisense ye-Google njengoba kuchazwe Kwimigomo Yesevisi ye-Google — ngakho uma ulayisha okuqukethwe ku-Tenor, singase sibone lokho okuqukethwe kubasebenzisi futhi sabelane ngakho lapho kuqondiswa, futhi labo basebenzisi (okufaka phakathi abasebenzisi abafinyelela kokuqukethwe nge-Tenor API) bangase babuke, babelane, futhi balungise lokho okuqukethwe.
2.
Okuqukethwe Okunqatshelwe.
2.1
Akufanele usebenzise i-Tenor ngokwanoma yiziphi izinjongo zokuthengisa noma ngokwenzuzo yanoma iyiphi inkampani engahlangene ngqo.
2.2
Njengoba sichaza Kwimigomo Yesevisi ye-Google, sifuna ukugcina indawo enenhlonipho kuwo wonke umuntu. Lapho usebenzisa i-Tenor, kufanele ulandele Izinqubomgomo zethu Zezinhlelo nezimiso eziyisisekelo zokuziphatha ezichazwe Kwimigomo Yesevisi ye-Google. Ngokukhethekile, lapho usebenzisa i-Ternor, akufanele:
a.
uthumele, ulondoloze, noma wabelane ngokuqukethwe:
i.
wephule noma ukhuthaze noma yikuphi ukuziphatha okungase kwephule umthetho osebenzayo noma amalungelo wabanye abantu, okufaka phakathi noma yikuphi okuqukethwe okwephula umthetho, okungafanelekile, noma okwephula amalungelo wabanye abantu wokuvikela ubunikazi bokusungula, noma amalungelo emphakathini noma wobumfihlo;
ii.
okunolwazi lomuntu siqu noma lokuxhumana mayelana nanoma yimuphi umuntu ngaphandle kokugunyazwa kwabo kwangaphambilini;
iii.
kukhuthaza imisebenzi noma izinto ezingekho emthethweni noma eziyingozi;
iv.
okungumgunyathi, okudukisayo, noma okukhohlisayo;
v.
okungamanga noma okuhlambalazayo ;
vi.
okungamanyala noma izithombe zobulili;
vii.
kukhuthaza noma kusungula ukucwasa, ubandlululo, ubuhlanga, inzondo, ukuhlukumeza, noma ingozi ngokumelene nomuntu noma iqembu elithile
viii.
kunodlame noma kuyesabisa noma kukhuthaza udlame noma izenzo ezesabisayo kumuntu, iqembu, noma kwinhlangano, noma
b.
ukuthumela noma yikuphi ukukhangisa okungacelwanga noma okungagunyaziwe, izinto zokuphromotha, noma ezokuxhumana, okufaka phakathi i-imeyili, iposi, ogaxekile, izincwadi ezidluliselwa kubantu abaningi, noma ezinye izinto ezingacelwanga.